Kuvele imiphumela emangalisayo kwenziwa ucwaningo lwama-ARVs kone-HIV

2017-07-25 16:01

Johannesburg - Ingane yaseNingizimu Afrika eneminyaka engu-9 ubudala, okwatholakala ukuthi iphila ne-HIV ngesikhathi inenyanga eyodwa izelwe, sekuphele iminyaka engu-8 nengxenye ilawula igciwane ngaphandle kokusebenzisa imishanguzo.

Lokhu kumenyezelwe ngoMsombuluko kwi-International AIDS Society Conference on HIV Science ebanjelwe eParis.

Ingane yanikezwa imishanguzo ethithibalisa i-HIV amasonto angu-40 ngemuva kokutholakala kwegciwane egazini layo kodwa yayekiswa ama-ARVs njengengxenye yocwaningo okuhloswe ngalo ukubona ukuthi igciwane lizothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba liphinde libonakale egazini noma liphinde lisabalale.

Ngokuvamile, uma isiguli siyeka ukusebenzisa ama-ARVs, igciwane liyabuya emasontweni ambwala. Abacwaningi bathi basiqaphile isimo sengane ukuthola okungabasiza ekutholeni ikhambi le-HIV.

Umcwaningi waseNingizimu Afrika, ongomunye wabaholi balolu cwaningo, uDkt Avy Violari, uthe: “Usemningi kakhulu omsebenzi okumele wenziwe ukuqonda ngempela ukuthi kwenzeke kanjani ukuba ingane ikwazi ukulawula igciwane ngaphandle kokusebenzisa imishanguzo.

OLUNYE UDABA: Usizi ingane,13, ithola emgwaqeni ukuthi ine-HIV

“Kodwa asikholelwa ukuthi (amasonto angu-40 okusebenza imishanguzo nje kuphela) sekungaholela kulo mphumela,” esho.

Igama lengane nobulili bayo kanjalo nendawo ehlala kuyona akuzage kudalulwe.

Ucwaningo, olubizwa nge-Cher trial, lwenziwa phakathi kuka-2005 no-2011 eSoweto naseKapa ngenhloso yokuthola isikhathi esifanele sokuqalisa imishanguzo enganeni kanye nokuthola ukuthi ngabe kuphephile yini ukuba iyekiswe ukusebenzisa imishanguzo ngokuhamba kwesikhathi.

Nakuba imibiko enjengalena ingaqali ukuvela emhlabeni, iyaqala ukuvela e-Afrika.

- The Star

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...