Kuvele ezinye izithombe zesiboshwa esibonakale siqabulana nojele

2017-10-18 12:31

Johannesburg – Isiboshwa esibonakale ezithombeni sibambene siphinde siqabulana nojele kubukeka sengathi baningi abantu besifazane esijola nabo.

Lokhu kulandela ukuthi kuvele esinye isithombe salesi siboshwa siqabula omunye umuntu wesifazane esihlathini.

IDaily Sun ishicilele udaba kanye nezithombe zesiboshwa nojele waseLosperfontein Correctional Facility eBrits, eNorth West, ngoLwesibili.

Lolu daba lulandela ukusabalala kwezithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Uzibulele ujele okusabalale izithombe zakhe eqabulana nesiboshwa

Kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwezwakala ukuthi ujele usedlulile emhlabeni ngemuva kokuzikhungela egumbini abehlala kulo ngaphakathi emagcekeni aleli jele.

UTshidi Mapole, okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo eLimpopo, eMpumalanga naseNorth West utshele leli phephandaba ukuthi uMnyango ubuwazi ngalezi zithombe.

"Saziswe ngalezi zithombe zikajele nesiboshwa bebambene kwezinye beqabulana satshelwa nokuthi zizungeza ezinkundleni zokuxhumana," esho.

Uthe uMnyango uyazigxeka kakhulu lesi senzo sabo. "Kuthe sisaphenya njengoMnyango sezwa izindaba ezishaqisayo zokuthi umsolwa usezibulele."

UKhomishana wesifunda uMandla Mkhabela, uzwakalise ukushaqeka nokudumala ngalesi sigameko.

 

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...