Kuvalwe umgwaqo omkhulu kubhikisha izakhamuzi

2017-09-14 12:34

Johannesburg – Ababhikishi baphazamise ukuhamba kwezimoto ku-N1 ngaseGrasmere Toll Plaza, eningizimu yeGoli, ngesikhathi sebhizi ngoLwesine ekuseni.

Ababhikishi bavale umgwaqo omkhulu ngamatshe, baphinde bajikijela izimoto ebezizama ukudlula.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthe bekungakacaci kahle ukuthi kungani bebebhikisha abantu, kodwa kusolwa ukuthi abagculisekile ngezindlu nangokulethwa kwezidingongqangi.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kwalimala 3 kwesokudubula esikoleni

"Umbhikisho usabalalele ezindaweni zase-Orange Farm, Ennerdale, Grasmere naseLenasia South.

“Kunabantu ebebejikijela ngamatshe izimoto, ngakho sicela abashayeli ukuba bagweme imigwaqo ephazamisekekile,” kusho uMakhubela.

Kwesinye isigameko, ababhikishi bavale uGolden Highway, eLenasia South, eGoli, ngamathayi avuthayo kanye nezimbokodo kulandela ukuqubuka kombhikisho e-Ennerdale, ngoLwesine ekuseni.

Abashayeli bayanxuswa ukuba bagweme ukusebenzisa lo mgwaqo njengoba kungaphephile ngenxa yokuthi ababhikishi bajikijela izimoto ezidlulayo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...