Kuvalwe u-N2 ngengozi yamaloli eyenzeke ngaseSheepmore

2017-12-20 08:02

Johannesburg - Kuvalwe umgwaqo omkhulu u-N2 ngaseSheepmore eMpumalanga ngenxa yengozi ebandakanya amaloli amabili.

Amaphoyisa omgwaqo anxuse abashayeli ukuba basebenzise eminye imigwaqo njengoba kusenomsebenzi omkhulu okumele wenziwe lapha.

"Iziphathimandla azikakwazi ukufinyelela endaweni yesigameko njengoba kusajikiswa izimoto ngenxa yesiminyaminya,"kusho uMoeti Mmusi, onguMphathi wezokuXhumana eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi eMpumalanga etshela abeNews24.

Uthe okwamanje abukacaci kahle ububanzi bomsebenzi okumele wenziwe.

OLUNYE UDABA: Kutholwe isidumbu sowesifazane nengane ethuneni elingashoni

"Okwamanje asikakabi nesiqiniseko sokuthi ngamaloli amabili kuphela na athintekayo noma kukhona nezinye izimoto nanokuthi le ngozi yenzeke emalolini abephembana noma elandelana."

UMmusi uthi lo mgwaqo ungavalwa cishe amahora amahlanu njengoba kusebenza abezimo eziphuthumayo, abezicishamlilo kanye namaphoyisa omgwaqo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...