Kutshalwe amasosha eSimon’s Town ukubhula umlilo

2017-01-12 13:00

Cape Town – Alinganiselwa kwangu-120 amasosha eSouth African National Defence Force (SANDF) ajutshwe ukuba ayosiza idolobha ekubhuleni umlilo wequbula eSimon’s Town, oqale ngoLwesithathu.

"Alinganiselwa kwangu-120 amasosha abelokhu ebhula umlilo ubusuku nemini. Kusetshenzizwe nezindiza zamasosha ezinophephela emhlane ezimbili ukusiza idolobha,” kusho umkhuzi wamasosha u-Adrian Dutton etshela iNews24 ngoLwesine.

Elinye isosha le-SANDF litshele iNews24 ngoLwesithathu ukuthi kutshalwe namasosha asolwandle kule ndawo ukuzosiza ekubhuleni umlilo.

OLUNYE UDABA: Inkinga yamanzi idale ukuba kuphindiselwe iziguli emakhaya

Khonamanjalo, okhulumela abezicimamlilo eKapa, uLiezl Moodie, utshele iNews24 ngoLwesine ukuthi okwamanje basakwazile ukulawula umlilo. 

Akazange akuqinisekise ukuthi ngabe ikhona yini impahla elimele.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Mild. Pta: 19-28°C Scattered showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Scattered showers. Morning clouds. Warm. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-29°C Breaks of sun late. Warm. PE: 18-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...