Kuthunjwe usomabhizinisi eKapa

2017-07-26 14:01

Cape Town – Kuthunjwe owesilisa oneminyaka engu-71 ubudala ngaphandle kwenkampani yakhe eWoodstock, eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesithathu.

Abesilisa abathathu abangaziwa kuthiwa bapake eduze kwemoto kaZhaun Ahmed ngezithuba zabo-17:40 ngoLwesibili, kusho uSergeant Noloyiso Rwexana.

U-Ahmed ungumnikazi weZhauns eWoodstock.

"Ngokwemininingwane, isisulu kanye nomshayeli bebematasa emotweni. Kube sekuqhamuka iveni yama emuva kwabo, kwaphuma abesilisa abathathu basabisa isisulu ngesibhamu basiphoqa ukuba singene evenini, bahamba naso balibhekisa ngakuVictoria Road, eWoodstock."

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN isibeke uMakhosi Khoza amacala

Iveni itholakale ngokuhamba kwesikhathi ilaxazwe kuwona lowo mgwaqo.

Amaphoyisa abesazama ukuthungatha owesilisa othunjiwe, kusho uRwexana.

Bekungakacaci kahle ngemininingwane yokuthunjwa kwakhe.

Onemininingwane ngabasolwa, noma abazibonele, bangaxhumana noWarrant Officer David Miles ku-021 486 2840 noma bafonele i-Crime Stop ku-08600 10111. 

- MetroBurger

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...