Kuthunjwe ingane umama eyobhala izivivinyo

2016-11-04 16:00

KwaMashu - Usashaqekile umama wengane ethunjwe inakekelwa wubaba wayo yena eyobhala izivivinyo zikamatikuletsheni.

UZinhle Ngubane, 2, ubenakekelwa wubabakhe ngesikhathi enyamalala ekhaya kubo kwa-C kwaMashu, kubika iNewswatch.

Ngokusho kukamama wakhe uSinenhlanhla, uthi ubebhala izivivinyo ngesikhathi ethola umbiko wokuthi ingane isinyamalele.

OLUNYE UDABA:Kuthunjwe abasebenzi bomkhandlu kwasatshiswa nezakhamuzi

Lo mama unxusa abangaba nolwazi mayelana nokunyamalala kwendodakazi yakhe ukuba babe nozwelo kuyena.

“Ngikhale kwaze koma izinyembezi, angisenazo izinyembezi, angikwazi nokudla, angikwazi ngisho nokuphuza amanzi.

Ngizodla kanjani ngingazi ukuthi ingane yami ikuphi, idlani noma iphuza ini,”kusho umama wengane.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...