Kuthungathwa umtshuzi onyamalale eyokhulula uzakwabo ngaphansi kwamanzi

2017-12-18 11:00

Durban - Uyaqhubeka umsebenzi wokuthungatha abantu ababili abaminze bebhukuda ngale mpelasonto.

UCraig Lambinon, okhulumela abeNational Sea Rescue Institute uthe bathole umbiko ngowesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ongumtshuzi onyamalale emanzini ngeSonto, ePort of Durban.

"Sikholwa wukuthi lo mtshuzi ungene emanzini eyokhulula uzakwabo obesebenza ngaphansi komkhumbi abebewulungisa. Ngesikhathi engafiki ukuzokhulula uzakwabo, abe-Aquetech bangene emanzini bazama ukumthungatha, kuyalelwe abeTransnet National Ports Authority (TNPA)  Port Control ngalesi simo,” kusho uLambinon.

Kungenelele abatshuzi abasebenza emaphoyiseni kodwa kuze kwahlwa engakatholakali, umsebenzi wokumthungatha uyaqhubeka.

OLUNYE UDABA:Babuye belambatha abatshuzi befuna oziphose edamini

Kwesinye isigameko esenzeke ebhishi elingavikelekile ngoMgqibelo eSheffield, kuminze umfana oneminyaka engu-13 ubudala obebhukuda khona.

ULambinon uthe yize waqalwa ngawo uMgqibelo umsebenzi wokuthungatha lo mfana, baphoqeleke ukuba bawumise ngalo lolo suku nangeSonto ngenxa yokuthukuthela kolwandle.

Uthi bazoqhubeka nomsebenzi ngoMsombuluko, kubika i-Daily News.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...