Kuthungathwa owesifazane mayelana necala lokwebiwa kosana eThekwini

2017-12-07 19:37

Durban - Uphiko lweDurban Central Family Violence , Child Protection and Sexual Offence Unit lunxusa usizo lomphakathi mayelana necala lokwebiwa kwengane eliphenywayo.

Lokhu kulandela ukwebiwa kosana olusanda kuzalwa enkabeni yeTheku ngenyanga eyedlule.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthi umama wale ngane wahlangana nowesifazane owacela ukumsiza ngomntwana kanti uzomeba.

"Ngomhlaka-20 Novemba nonyaka ngabo-15:45  umama wengane oneminyaka engu-16 ubudala wayekuWilliams Road, erenki yamatekisi aseChesterville, ephethe usana lwakhe lwentombazane.

"Wabe esehlangana nowesifazane ayegibele naye etekisini ephuma esibhedlela, wacela ukumbambela ingane yakhe yena (umama) esaphuthume endlini encane," kusho uZwane esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele othumbe usana esibhedlela eMpangeni

Uthi umama wosana wabe eselushiya nalo wesifazane ongaziwa, wangena endlini encane.

"Wathi uma ephuma ethoyilethi wafica itshe selome inhlama, usana nalo wesifazane bengasabonwa, sekusele isikhwama sodwa phansi.

"Wabuza ebantwini, kwacaca ukuthi nabo abazi lutho futhi nengane ayitholakali," esho.

UZwane uthi kunzima ngoba umama akanazo izithombe zosana lwakhe. "Amaphoyisa akholelwa ekutheni lo wesifazane okulo mfanekiso angaba wusizo ekuxazululeni lolu daba."

Kucelwa ongaba nosizo ngalolu daba ukuba ashayele uDetective Sergeant M E Mkhize kwethi 031 325 4526 /082 466 0044 noma iCrime Stop ku-08600 10111, esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...