Kuthungathwa odubule unogada e-Edendale Mall

2017-02-14 14:01

Pietermaritzburg - Basashaqekile namanje abasebenzi basenxanxathela yezitolo i-Edendale Mall kulandela isigameko sangoLwesihlanu ntambama sokudutshulwa kukanogada.

Lo nogada wadutshulwa ngesikhathi ezama ukubopha izigebengu.

Ngokuthola kwe-Eyethu News owesifazane osebenza kule nxanxathela yezitolo, esitolo sakwa-Pick 'n Pay, nguye okhombe abasolwa ababili wathi yibo abambamba inkunzi emasontweni amabili adlule khona eMall.

Kubikwa ukuthi lo nogada wazama ukubopha abasolwa, wabamba oyedwa omunye waphunyuka kodwa wabuya eseyokhulula uzakwabo waphuca unogada isibhamu wamudubula ngaso babaleka.

Lo nogada waphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokuthola inxeba lokudutshulwa ngasegxalabeni.

Umsolwa owadubula unogada wabaleka nesibhamu sikanogada kanti njengamanje amaphoyisa aphansi phezulu ayamthungatha.

Abanye abantu abasebenza kule nxanxathela yezitolo bathe abasazizwa bephephile kulandela isigameko sokudutshulwa kukanogada njengoba bethembele kubo uma bebanjwa inkunzi.

Okhulumela amaphoyisa asePlessislaer uCaptain Musa Ntombela uqinisekise isigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala.

"Kuboshwe umsolwa oyedwa owakhonjwa ngomunye wabasebenzi basenxanxatheleni yezitolo kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze."

 


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...