Kuthungathwa izigebengu ezidubule ummeli odumile eGoli

2018-04-03 14:00

eGoli -  Amaphoyisa athi azokwenza konke okusemandleni ukubamba abasolwa abayisigebengu abagebenge indawo edumile yokungcebeleka.

Lezi zigebengu zahlasela kule ndawo ngoLwesine zadubula nommeli wakuleli odumile uZola Majavu.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uKay Makhubele uthi baphenya icala lokugetshengwa kwebhizinisi.

"Akukaboshwa muntu okwamanje ngalesi sehlakalo kodwa amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ukuze kubanjwe abasolwa,"kusho yena.

OLUNYE UDABA:Sisamile ku-10 isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo eW Cape

Kuthiwa abasolwa bagasele kule ndawo bayalela wonke umuntu ukuthi alale phansi, base babakhuthuza babathathela imali, omakhalekhukhwini kanye nezikhiye zemali.

Amaphephandaba abika ukuthi ngesikhathi kwenzeka lokhu uMajavu ubesendlini encane.

Ubuye lapho wakhonjwa phansi, kanti umsolwa oyedwa umdubule emlenzeni ngoba ethi akayihloniphi imiyalelo yabo.

Uphuthunyiswe esibhedlela iMulberton lapho alulamela khona ngemuva kokuhlinzwa.

Umnikazi wale ndawo uNathane Molapo ubengekho ngesikhathi kwenzeka lokhu.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...