Kuthungathwa iziboshwa ezeqe ziphuma enkantolo

2017-08-10 07:46

Limpopo – Kweqe abasolwa ababili ebebesuswa eNkantolo yesiFunda eBurgersfort beyiswa esiteshini samaphoyisa eLeboeng, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesithathu.

UDavid Ramahlo, 30, noMoses Ngwatle, 39, beqe ejele ngemuva kokuvela enkantolo ngecala lokugqekeza nelokweba, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

"Ngesikhathi amaphoyisa emisa imoto erobhothini eliseBurgersfort, abasolwa ebebeboshwe izandla bavule isicabha, baphuma babaleka,” kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni ubonge ababhikishi ngokuziphatha kahle

Amaphoyisa azophenya ngesigameko, kusho uNgoepe. 

Onemininingwane engaholela ekuboshweni kwabasolwa angaxhumana ne-Crime Stop ku-0860010111 noma athumele umqhafazo ku-32211.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...