Kuthungathwa isangoma esisolwa ngokudlwengula isiguli

2017-01-07 17:48

Groblersdal – Amaphoyisa aseNebo eduzane naseGroblersdal aseqalile, aphansi phezulu athungatha isangoma esisolwa ngokudlwengula kulandela isigameko esenzeke eGa-Marishane, eLompopo ngoMgqibelo.

Kusolwa ukuthi intombazane, 16, yaya emzini walesi sangoma iyofuna usizo ngoLwesihlanu ntambama, kusho uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA:Ziyikhalele indoda eyazama ukudlwengula isangoma emgidweni

"Njengengxunye yokuthola usizo yanikwa umuthi wokuphuza, yaphuza yase izizwa inesiyezi, umsolwa wayihambisa egumbini layo lapho okusolwa ukuthi le ntombazane yadlwengulelwa khona."

Lesi sangoma, 50, esaziwa kakhulu endaweni sinyamalale ngokushesha kulandela isigameko.

Onolwazi ngokuthi sikuphi lesi sangoma uyacelwa ukuba athinte uWarrant Officer Kgerudi Moela we-Groblersdal family violence, child protection, and sexual offences (FCS) unit ku-071-355-0577 noma aphuthumesiteshini samaphoyisa esiseduzane noma shayele uCrime Stop ku-08600 10111.

"Amalungu omphakathi, ikakhulukazi omama bayacelwa ukuba bangaziyekeleli ukuthi izingane zihambe zodwa uma ziyobonana nezangoma ngenhloso yokugwema izigameko ezifana nalesi."

- ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...