Kuthungathwa ingane eduke abazali belele endleleni, 'bedakiwe'

2017-12-04 18:00

Polokwane – Intombazanyana eneminyaka emibili ubudala inyamalele ngemuva kokuba abazali bayo ‘ebebedakiwe’ bevele bazumeka behamba nayo ngeSonto.

Amaphoyisa aseLimpopo ngoMsombuluko athe abazali bebeya ekhaya behamba nezingane zabo ezimbili, eneminyaka emibili nenye eneminyaka emine ubudala.

Bebehamba ngendlela yesiZulu edlula esikhotheni bafikelwa ukukhathala, bahlala phansi bethi bayaphumula kanti bazozumeka.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umfundi 'ngokunquma' unina

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe: "Kuthe uma sebevuka ngabo-19:00, bathola ukuthi ingane yabo eneminyaka emibili ubudala ayikho, babikela amaphoyisa aqalise ukuyithungatha, kodwa lutho ukuyithola namanje.”

Amaphoyisa asebenzisana nophiko lwe-Search and Rescue, i-Air Wing kanye nolweLephalale Cluster K9 ukuthungatha ingane.

Ingane igcine ukubonakala igqoke isikibha nebhulukwe okusawolintshi.

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...