Kuthungathwa indoda ebulale unogada eF State

2017-03-05 13:30

Johannesburg - Amaphoyisa aseFree State athungatha ushayasibhamu obulale inogada esigamekweni sokuphanga okuzwakale ukuthi asihambanga kahle enxanxathela yezitolo eseHeidedal eBloemfontein.

Amaphoyisa athi unogada ubeyolanda imali esitolo esiseTwin City Mall ngoMgqibelo esesendleleni ebheke emotweni yemali ebilinde ngaphandle.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zibanjwe oqotsheni zigebenga

Kuthiwa umsolwa uvele waqhamuka ngemuva wadubula unogada ekhanda, washona ujuqu.

Amaphoyisa athi lesi sigilamkhuba sibe sesibaleka ngaphandle kokuyithinta imali.

Ube esejoyina umsolwa wesibili obemlinde ngemoto ene-number plate uaseGauteng, babaleka ngemoto.

Kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa ayaphenya.

 - SABC

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...