Kuthungathwa abasolwa kulandela ukubulawa kwephoyisa

2018-04-08 13:29

Amaphoyisa ase-Eastern Cape athungatha abasolwa kulandela ukubulawa kwephoyisa eMount Frere, kusho umbiko.

Leli phoyisa elineminyaka engu-36 ubudala, ebelingekho emsebenzini ngesikhathi sesehlakalo, litholakale emotweni yalo edolobheni ngoMgqibelo ekuseni selishonile.

Belinamanxeba okudutshulwa emzimbeni.

Kuvela ukuthi leli phoyisa belisebenza ngaphansi kophiko lwabaseshi eMount Frere.

Owamaphoyisa u-Edith Mjoko uthe: “Bekungakaboshwa muntu okwamanje kanti siyanxusa ongaba nolwazi olungasiza kulolu phenyo ukuba axhumane namaphoyisa aseduzane.”

Kwesinye isigameko, kuboshwe abasolwa ababili ngokubulawa kwabantu abane eBrowns Farm, eWestern Cape.

Abasolwa baphakathi kweminyaka engu-27 no-34 ubudala.

Amaphoyisa athi aphansi phezulu athungatha umsolwa wesithathu kulesi sigameko.

La basolwa ababili kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngoMsombuluko ngamacala amane okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...