Kuthungathwa abasolwa abagebenge isitolo sotshwala eMpumalanga

2017-06-28 18:01

Mpumalanga - Izigebengu ezintathu zigasele eitolo esidayisa utshwala emgwaqeni uFerreira, eMpumalanga.

Laba basolwa bafike bavimbezela isisebenzi salesi sitolo ntambama seligamenxe ihora lesithupha ngoLwesibili.

Okhulumela inkampani yonogada i-Hi-Tech Security Nelspruit uCallum Macpherson, utshele abephephandaba i-Lowvelder ukuthi abasolwa bafike bashaya isisebenzi ekhanda saquleka.

“Abasolwa baqhamuke ngemuva kwesisebenza basishaya ekhanda saquleka ngakho-ke naso asazi kahle ukuthi kwenzakaleni ngemuva kwalokho,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:'Ngaphenduka isiboshwa emzini wami, ngiyeka utshwala'

Lesi sisebenzi sithi siphaphame cishe ngemuva kwemizuzu engu-30 nokuyilapho esibe sesicofa inkinobho ye-alamu.

Kuthiwa abasolwa babaleke nesamba semali, utshwala, umakhalekhukhwini kanye nogwayi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-28°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm. Bloem: 18-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...