Kuthungathwa abasolwa abagebenge iB&B eThekwini

2017-07-05 18:02

Durban – Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athungatha abasolwa abahlanu abagebenge indawo yokulala eseDurban North ngoLwesibili ebusuku.

Abasolwa abahlanu bagasele kule B&B ngo-19h15 bezenza amakhasimende azobhukha.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe: “Abasolwa bakhombe umnikazi wale ndawo kanye nomkakhe ngezibhamu bahlasela nabasebenzi ababili.”

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athungatha abeqe esitokisini

UZwane uqhubeke wathi laba bathathe imali, omakhalekhukhwini, iLaptop kanye ne-Printer ngaphambi kokubaleka ngemoto abafike ngayo.

Kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa eDurban North kanti amaphoyisa anxusa umphakathi ngolwazi olungaba wusizo kubanjwe lezi zigebengu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...