Kuthungathwa abasolwa abadune iphoyisa lomgwaqo imoto

2018-04-09 09:17

Amaphoyisa aseThohoyandou aphume inqina athungatha abasolwa abahlomile abadune imoto yephoyisa lomgwaqo ngeSonto ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe kusolakala ukuthi leli phoyisa, 35, belilodwa emsebenzini ngabo-09:00 lihamba ngakuMakonde noLuvhimbi Road ngaseThohoyandou ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

UNgoepe uthe leli phoyisa limise imoto yohlobo lweToyota Corolla esagolide ene-number plate ethi CMJ 570 L, okuyilapho elikhonjwe ngezibhamu abebephakathi kuyo, baliphoqa ukuba lingene kule moto bayishaya yazula ibheke ngaseThathe.

Kuthe uma befika emasimini, bakhumulisa iphoyisa umfaniswano, baliphuca isibhamu somsebenzi nokunye. Babe sebelidubula ngaphambi kokulishiya esigangeni.

Imoto yamaphoyisa eduniwe itholakale eMakonde Village.

“Isisulu sitholwe silimele kabi sinamanxeba okudutshulwa sase siphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uNgoepe.

Amaphoyisa anxusa ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa ukuba axhumane noBrigadier James Espach ku-082 576 0743 noma ashayele iCrime stop ku-0860010111.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...