Kuthungathwa abasolwa abadubule unogada begqekeza efemini

2017-03-16 18:06

Limpopo - Amaphoyisa athungatha abasolwa abadubule babulala unogada oneminyaka engu-60 ubudala. ngesikhathi behlasela ngoLwesithathu ebusuku efemini okukhiqizwa kuyo i-atchar, iMorokolotsi Atchar, eLimpopo.

Kuthiwa abasolwa abathathu abebehlomile bazame ukugqekeza kuleli femu bezophanga kodwa izinto azihambanga ngokwezinhlelo zabo.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Letaba Herald amaphoyisa abizelwe kule ndawo kulandela isigameko sokudubulana.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe, uthe onogada baphuthume kule ndawo ngemuva kokukhala kwama-alamu aleli femu, uma befika bathole izigebengu zimatasa zizama ukugqekeza i-safe okuhlala kuyo imali.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa odubule unogada e-Edendale Mall

"Abasolwa abathathu bebezama ukugqekeza lapho kuhlala khona imali kule femu ngesikhathi betholwa wonogada. Babe sebehilizisana nonogada ngenhlamvu bebaleka," kusho uNgoepe.

Amaphoyisa athi abasolwa babaleke belambatha beshiya isidumbu ngemuva.

Uphenyo mayelana nalesi sigameko lusaqhubeka kanti amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo.

Uma kukhona onolwazi angaxhumana noLieutenant-Colonel Cecil Machimana ku-082 451 7181 noma ashayele i-08600 10111.



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...