Kuthungathwa abasolwa ababulale unogada kuphangwa egalaji

2018-04-16 14:04

Amaphoyisa aseGauteng asephume inqina athungatha abasolwa kulandela ukubulawa kukanogada ngesikhathi kuqhubeka isigameko sokubamba inkunzi egalaji likaphethiloli eMarlboro Gardens, ngaseSandton.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo uthe abasolwa abangaziwa bangene egalaji lakwaSasol ezintatha ngoMsombuluko.

"Abasolwa abebehlomile basabise izisebenzi ngezibhamu, baziphoqa ukuba zivule umnyango, zenza njengokusho kwabasolwa. Abasolwa babe sebeyalela wonke umuntu ukuba angene ngaphakathi, okubalwa nabasebenza ngaphandle," kuqhuba uMasondo.

"Babe sebeqhumisa isisefo semali babaleka nesamba semali esingadalulwanga."

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha imigulukudu eqhumise ama-ATM amabili

Uthe ngesikhathi bebaleka abasolwa, badune i-Audi neToyota Avanza.

"Babe sebedubula unogada wenkampani eqapha isimo endaweni, obelibangise endaweni yesigameko ngemuva kokukhala kwe-alamu. Uhlonzwe njengoshonile khona endaweni yesigameko," kusho uMasondo.

Amaphoyisoa ayaphenya ngalesi sehlakalo.

INetcare911, efike endaweni yesigameko ngemuva kokudutshulwa kwalo nogada, ithe ubedutshulwe amahlandla amaningi.

"Kusolakala ukuthi ubeyohlola isimo kulandela ukuphangwa kwegalaji, ube esedubulana nabasolwa ngesikhathi etheleka endaweni yesigameko," kusho okhulumela iNetcare911 uTebogo Magoro.

"Okwamanje, imininingwane ngesigameko ayicaci kahle, kepha iziphathimandla zendawo zisendaweni yesehlakalo ziyaphenya."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...