Kuthungathwa abaqhumise imoto yemali ku-N1

2017-10-03 11:05

Johannesburg - Amaphoyisa athungatha iqembu lezigebengu ezibaleke nesamba semali esingadaluliwe kulandela ukuqhumisa imoto yemali emgwaqeni omkhulu u-N1 ezimpambanweni zomgwaqo iBuccleuch kwadaleka isiminyaminya emgwaqeni.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kwezithuba zabno-20:00 izolo ebusuku, kwadingeka ukuba kuvalwe umgwaqo omkhulu.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe onogada ababili kubanjwa imoto yemali

Kukholakala ukuthi labo shayasibhamu baqhumise imoto yemali bakwazi ukuthatha imali.

Okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini uthe: "Badubule amahlandla amaningi bebhekise emotweni base beyiqhumisa ngaphambi kokuthatha amabhokisi emali ayisamba esingazdaluliwe.

"Akekho olimalile. Okwamanje abasolwa basagcwele amathafa, amaphoyisa aseqalile ukubathungatha."

 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...