Kuthungathwa abantshontshe inqwaba yamaselula esitolo eMall

2018-04-02 14:23

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng athungatha abasolwa abane ababambe inkunzi isitolo samaselula eCresta Shopping Centre eRandburg, eGoli ngoMsombuluko ekuseni.

Abasolwa badubule kabili emoyeni njengesexwayiso endaweni epaka izimoto eCresta, ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ababili ngecala lokubulawa kowesifazane

"Akulimalanga muntu kulesi sigameko sokudubula. Sisathungatha abasolwa abasagcwele izinkalo namanje,” esho.

UMasondo uthi abasolwa bantshontshe inqwaba yamaselula.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...