Kuthungathwa abalahle umbungu bewufake ekhathonini le-KFC usaconsa

2016-09-23 08:40

Durban - Kuthungathwa abasolwa ngokulahle umbungu ekhathonini lenyama yenkukhu i-KFC ngoLwesithathu ebusuku ngasehhotela elimaphakathi nedolobha laseThekwini, ku-Anton Lembede(Smith Street).

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngezithuba zabo-20:00 kanti ozibonele uthe sishye abantu abahlala emgwaqeni bekhamsile ukumangala.

OLUNYE UDABA: Kutholakale umbungu ePMB

NgokweSolezwe kusolwa ukuthi lo mbungu ubusanda kukhishwa  njegoba ubusagxiza igazi kodwa usunazo zonke izicubu zomuntu.

USandile Hadebe obdlula ngendlela ngesikhathi sesigameko ushayele amaphoyisa, uthe kusenzima ukudlulisa isithombe asibonile.

"Bengiphuma esontweni ngibheke efulethini ngase ngibona abantu ababili, owesilisa nowesifazane bewela umgwaqo bebaleka umgwaqo.

Kuthiwa amaphara - abantu abantu abahlala emgwaqeni agijime athatha leli khathoni le-KFC ebeliconsa igazi,ezitshela ukuthi kunenyama phakathi athuke oma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokuhushula isisu esiteshini samaphoyisa aseThekwini kulandela ukutholakala kombungu okusolwa ukuthi ubusunamasonto angu-16.

"Uphenyo luyaqhubeka, akekho osaboshiwe."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...