Kuthungathwa abagebenge isitolo iCash Crusaders

2017-12-08 19:30

Johannesburg -Amaphoyisa aseGoli athungatha abasolwa abagebenge isitolo iCash Crusaders ngoLwesihlanu emini.

Lesi sitolo esisenxanxatheleni iPrincess Crossing Shopping Centre emgwaqeni u-Ondekkers sihlaselwe amadoda amahlanu abehamba ngemoto yohlobo lweToyota.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Mvela Masondo utthi abasolwa bagasele kulesi sitolo bathatha omakhalekhukhwini kanye namawashi.

OLUNYE UDABA: Luzoqhubeka uphenyo nakuba kuqala izivivinyo eMaritzburg College

"Akekho odutshuliwe ngesikhathi kuphangwa,"kusho yena.

Abasolwa babaleke babheka eWestgate. Akukaboshwa muntu okwamanje kodwa uphenyo luyaqhubeka.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...