Kuthungathwa abagebenge isitolo esikhulu eMnambithi

2017-06-28 19:32

eMnambithi - Amaphoyisa ophiko lwe-K9 Unit asethole ezinye zezimpahla ezebiwe ngesikhathi kugetshengwa isitolo sakwaBuy ‘n Save Wholesalers esisemgwaqeni u-Illing, eMnambithi.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi izigebengu zigasela kulesi sitolo zihlome ngezibhamu nemimese.

Lezi zigebengu zishaye zachitha nesamba semali esingadalulwanga, omakhalekhukhwini, nenqwaba yamakhathoni kagwayi.

Akekho olimalile kulesi sigameko yize abasebenzi besathukile ngalokhu okwenzekile.

Ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo, azithele emadodeni amathathu abehamba ngakule ndawo.

OLUNYE UDABA:Video: Izimoto zikanokusho okubaleke ngazo izigebengu eMhlanga

Ngesikhathi amaphoyisa esondela kula madoda, avele adla phansi ngonyawo.

La madoda abaleke ahlukana phakathi ebheke ngaseSteadville ehamba echitha imali kanye nezinye izinto ezebiwe.

Amaphoyisa athole amakhathoni angu-29 kagwayi kanye nesamba semali.

Akukaboshwa muntu okwamanje kodwa amaphoyisa asalandela umkhondo wabasolwa, kubika iLadysmith Gazette.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...