Kuthungathwa ababulale obefundela ubuhlengikazi

2017-09-13 07:03

ePitoli - Amaphoyisa aseHercules ePitoli aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngemuva kokubulawa kowesimame eLady Selborne ngoLwesine.

Ngokubika kwephephandaba iRekord East lo wesimame obulewe ubefundela ubuhlengikazi.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Tumisang Moloto uthe lo wesimame, oneminyaka engu-25 ubudala, udutshulwe ngesikhathi amadoda amahlanu egasela ekhaya kubo kuDenysen Avenue.

“Lo mndeni uzwe kunento ekhwashazayo endlini, ngesikhathi behlola isimo babone izigebengu. Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise kumalungu alo mndeni nokuyilapho kudubuleke khona uLebogang Matlala,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:BUKA: Owesilisa ubanjwe inkunzi ephuma ebhange

UMatlala ushonele endaweni yesigameko. Abasolwa bagebenge lomndeni omakhalekhukhwini nemali ngaphambi kokubaleka ngezinyawo.

UJacob Matlala, ongubaba kamufi, uthe indodakazi yakhe idutshulwe ingale komnyango.

“Besihleli siwumndeni kukhona umkami, amadodakazi ethu amathathu kanye nabazukulu ababili. Abasolwa bavulele ngenhlamvu ngaphambi kokuthatha omakhalekhukhwini kanye nemali ebisekamelweni lezingane. Akekho omunye olimalile kulesi sigameko,” kusho lo baba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...