Kuthungathwa abagebenge ama-Mall amabili eKapa

2018-03-22 09:33

eKapa - Akukaqondakali kahle ukuthi ngabe yiqembu elilodwa na lemigulukudu eligebenge ama-Mall amabili ngesikhathi samahora ambalwa eKapa.

NgoLwesithathu ekuseni, iqulu lamadoda abehlomile ligasele esitolo sobucwebe eZewenwacht Mall eKuilsriver.

Laba baphule ama-glass okukhangisa bazithathela yonke inhlobo yobucwebe.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe odubule wabulala intombi kwaSwayimane

Esinye isigameko senzeke ngemuva kwamahora amathathu kwenzeke esokuqala enxanxatheleni yezitolo eseBelhar.

Okhulumela amaphoyisa uNoloyiso Rwexana uthe: "Ngokwemibiko esitholile, abasolwa bangene kuleli bhizinisi basabisa abasebenzi ngezibhamu. Kuthiwa laba basolwa babaleke ngemoto yohlobo lwe-Toyota Avanza ngemuva kokweba isamba semali engaziwa kanye nomakhalekhukhwini."

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...