Kuthungathwa ababambe inkunzi imoto yemali eF State

2017-09-07 07:02

Johannesburg - Amaphoyisa athungatha abasolwa kulandela isigameko sokubanjwa kwenkunzi imoto yemli esibhuntshile eBloemfontein.

Unogada odutshulwe emlenzeni ngesikhathi sesigameko uyelulama esibhedlela kulandela ukuhlaselwa.

Okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe uSifiso Nyakane uthe: "Abasolwa bebehamba ngezimoto ezimbili, eyohlobo lwe-Ford Ranger neveni yohlobo lwe-Mazda.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe onogada ababili kubanjwa imoto yemali

"Baqale badubula imoto ebikhapha eyemali base bama baqondana nemoto yemali, baphinde bayidubula nayo.

"Onogada abebesemuva batshelwe ukuba balale phansi. Babanjwa inkunzi, bephucwa izibhamu zabo. Ayikho imali eyebiwe.

"Kuboshwe abasolwa abane endaweni yesigameko kanti njengamanje kusathungathwa abanye abasolwa."

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...