Kutholwe izithandani zishonile ngemuva kwephathi

2017-09-11 13:59

Bloemfontein - Kutholwe izithandani zishonile emzini wazo oseBloemside, eBloemfontein, zombili zinamanxeba emakhanda.

Amaphoyisa athole izidumbu, okungesikaNathan Maarsdorp, 46, nesikankosikazi wakhe uMegan, 32, ngoMgqibelo. Lezi zithandani zinezingane ezintathu ezisencane ngokweminyaka, kubika iNetwerk24.

UMaarsdorp kusolwa ukuthi udubule unkosikazi wakhe ngaphambi kokuzibulala.

Kutholwe isibhamu phansi kulo muzi.

UColonel Thani Mbambo, okhulumela amaphoyisa, uthe amaphoyisa athole izidumbu ngemuva kokushayelwa ucingo ngomakhelwane.

OLUNYE UDABA:Owesilisa 'ubulale' unkosikazi ngoba ubemhleka engasaqedi

Ngokusho kukaMbambo, omakhelwane babehlezi nalezi zithandani ngoLwesihlanu, kuphuzwa utshwala, kodwa ngesikhathi sebezishayela ucingo ngoMgqibelo zangalubamba, baya bayobheka ukuthi kuqhubekani.

"Omunye womakhelwane walunguza wabona uMegan ehlezi kusofa opha, igazi liphuma ngomlomo. Isidumbu somyeni wakhe besidindilize eceleni kwakhe."

Omakhelwane bashayele amaphoyisa ucingo, okuyiwo aphule isicabha ukuze ezokwazi ukungena endlini. La bazali bebebodwa endlini kanti akucaci ukuthi izingane bezikuphi ngaleso sikhathi.

UMbambo uthe bazohlola ukuthi isibhamu singesikabani nokuthi sinazo yini izincwadi.

Kuphenywa icala lokubulala.

UKoekoe Leon, ongumngani kaMegan, ubhale enkundleni yezokuxhumana uFacebook ukuthi: "Ulale ngoxolo, dadewethu, siyohlezi sikuthanda."

Omunye umngani ubhale ukuthi: "Jesu, anginawo amazwi. Ulale ngoxolo, sithi dudu emndenini. Kwaze kwabuhlungu."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...