Kutholwe isidumbu sowesifazane epotimendeni e-KZN

2016-07-12 10:00

Ladysmith - Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala ngemuva kokutholakala kowesifazane egxishwe epotimendeni. Amaphoyisa abizelwa emzini oseZakheni esigcemeni sakwa-E lapho afike athola isidumbu sowesifazane ebesesiqala ukubola ngeSonto ekuseni.

Kukholakala ukuthi lo wesifazane ubeyintombi yomunye wabantu abaqashe kulo muzi. Lo wesifazane oneminyaka engu-31 ubudala ushaywe waze washona ngesikhali. Okwamanje akwaziwa ukuthi ubulaweleni nokuthi ubulawele kuphi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umlamu kutholakala isidumbu

Ngokusho kwezakhamuzi iphunga elaholela amalungu omndeni ukuba aseshe umjondolo segcekeni baze bazithola behlangabezana nalesi sidumbu. Izakhamzui zithi amaphoyisa afika esehamba nomunye wabantu abaqashe kulo muzi esefakwe ozankosi.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo namuhla ekuseni.

Abaseshi baseZakhezi bayaphenya, kubika iLadysmithgazette.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...