Kutholwe isidumbu somfana, 13, silenga ngakujantshi wesitimela

2017-03-25 16:06

Cape Town - Amaphoyisa athole isidumbu somfana oneminyaka engu13 ubudala silenga ngakujantshi wesitimela esiteshini iNetreg eKalksteenfontein, eKapa.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uVCaptain FC van Wyk uthe leli bhungu litholwe ngamaphoyisa abeqhuba umsebenzi wawo endaweni ngoLwesihlanu ngezithuba zabo-14:30.

Kuvulwe idokodo esiteshini samaphoyisa, kwahlolwa nesidumbu ukuze kuzotholakala imbangela yokushona kwaleli bhungu.

OLUNYE UDABA: Uhlangabezwe isidumbu sendodana silenga obebuya eMkhosini Womhlanga

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu yiyo ezokwenza izinguqiko kuleli cala, kusho uVan Wyk.

Isidumbu saleli bhungu sitholwe silenga eceleni kukajantshi obheke esiteshini sesitimela.

Umndeni waleli bhungu usubikelwe ngesigameko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...