Kutholwe isidumbu somfana, 11, sintanta emfuleni eThekwini

2017-11-02 07:01

Durban - Amaphoyisa aphenya isigameko sokubulawa ngesihluku komfana oneminyaka engu-11 ubudala, isidumbu sakhe esitholwe sinenqwaba yamanxeba okugwazwa sintanta emfuleni, oHlanga, eduzane nasebhulohweni eliku-M4, enyakatho yeTheku.

UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe ngoLwesithathu isidumbu sitholwe ngamaphoyisa ophiko lwe-Search and Rescue eThekwini ngoMsombuluko.

UGwala uthe imbangela yokubulala ayikaziwa okwamanje.

OLUNYE UDABA:Ingebhe ngesidumbu esitholwe edamini

Amaphoyisa asola ukuthi lo mfana usanda kubulawa njengoba isidumbu sakhe besingakonakali ngesikathi sitholakala.

"Amaphoyisa aseDurban North aphenya icala lokubulala.

"Bekungakaboshwa muntu okwamanje," esho.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...