Kutholwe ingane ethoyilethi lomgodi

2017-11-14 18:02

Johannesburg - Abezimo eziphuthumayo eLimpopo bahlenge ingane ebikhala ethoyilethi lomgodi eMatlala Mangwai village, ngaphandle kwasePolokwane.

Okhulumela umnyango wezeMpilo eLimpopo, uThabiso Teffo uthe abosizo lokuqala baphuthume endaweni yeisgameko beyohlenga ingane yomfana ezelwe.

OLUNYE UDABA:Kutholakale ingane emgqonyeni kadoti eThekwini

UTeffo, uthe ngemuva kokugeza nokuyihlola izitho ezibalulekile emzimbeni kwatholakala ukuthi ikahle.

Le ngane ibe isiphuthunyiswa esibhedlela iWF Knobel iyohlolwa futhi.

UTeffo uthe amaphoyisa amatasa ayaphenya endaweni yeisgameko.

UNgqongqoshe wezeMpilo eLimpopo uDkt Phophi Ramathuba ubonge abasebenzi ngomsebnenzi- wabo omuhle.


 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...