Kutholwe ikhanda lomuntu esikhwameni eThekwini

2017-08-04 14:03

Durban - Amaphoyisa aseThekwini athungatha isidumbu sendoda engaziwa, ikhanda layo elitholwe esikhwameni somuntu maphakathi nedolobha ngoLwesihlanu ekuseni.

Kuboshwe abantu ababili ngokubandakanyeka kulesi sigameko.

Kusolwa ukuthi le ndoda ishayele ucingo isangoma, ithi idayisa ikhanda lomuntu. Isangoma savuma ukuhlangana nayo endaweni okupaka kuyo izimoto kuShort Street ngezithuba zabo-09:00 ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Lizoqulwa kusasa elababanjwa bedayisa ikhanda lomuntu

Akucaci ukuthi ngubani oncinze indlebe amaphoyisa, kodwa kuboshwe isangoma nale ndoda ngaphambi kokuba badayiselane. Kusolwa ukuthi le ndoda izame ukweqa uthango ibaleka iyongena kujantshi oseduze ngesikhathi kufika amaphoyisa, kodwa yabanjwa ngonogada basendaweni yokupaka izimoto abebecabanga ukuthi izama ukweba imoto.

Kutholwe isikhwama ebesinekhanda lifihlwe koplastiki ababili. Kuboshwe nesangoma ebesigqoke ezobungoma. Kusolwa ukuthi le ndoda isike leli khanda ekuseni ngovivi namuhla. Akucaci ukuthi ibilidayisa malini.

ULieutenant-Colonel Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa uthe basazama ukuthola ukuthi kwenzekeni.

Inqwaba yabantu abebesendaweni yesigameko bebememeza "Sitshengiseni ikhanda!" ngaphambi kokuhlehliswa amaphoyisa ase evala umgwaqo.

 - ISITHOMBE:

 - Daily News

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...