Kutholwe amathambo omuntu esihlahleni eNtuzuma

2017-10-10 17:59

Durban - Ziyathuthumela wukwethuka izingane zabafana zaseNtuzuma ebezihamba emahlathini bziyozingela izinyoni zazithela phezu kwamathambo omuntu elenga esihlahleni.

Lezi zingane ezintathu okuthiwa zithole la mathambo ezineminyaka engaphansi kwiyisikhombisa ubudala, kuthiwa ziphindele emuva ngejubane zahlaba umkhosi, kubika ILANGA.

Ngokusho kwelunga leCommunity Policing Forum uNtombinkulu Chonco, 56, bethuke boma nabo uma sebefika endaweni yesigameko sebebona amathambo omuntu okukhombisa ukuthi kade ashona njengoba abesehhohlokile.

"Lo muntu ubegqoke isikibha esinemigqa emhlophe nomnyama nebhulukwe eliluhlaza lezimpahla zokusebenza elidume ngosiyasebenza nezicathulo ezinsundu.

"Siyasola ukuthi wazilengisa ngentambo nangesikibha ngoba ikhanda namathambo omgogodla kusalenga entanjeni kodwa isingezansi sesihhohlokela phansi ngenxa yokonakala.

OLUNYE UDABA: Kutholwe amathambo omuntu ngasesiteshini samaphoyisa

"Kuyacaca ukuthi lesi sigameko kade senzeka njengoba nezingubo abezigqokile zingasabonakali kahle wukuguga.Iphunga kalisekho njengoba inyama ingasekho sekusele amathambo wodwa," kusho uChonco.

Uthi lo muntu kababoni ukuthi ngowasendaweni ngoba ngabe bezwa ukuthi kukhona odukile.

Amaphoyisa angagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba athi asola ukuthi lo muntu wazilengisa eminyakeni emithathu noma emine eyedlule. Bathi amathambo azohlolwa ulibofuzo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aphenya ngokutholakala kwala mathambo.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...