Kutholwe abesifazane ababili beshonile eGoli nasePitoli

2017-07-13 07:12

Johannesburg - Kutholwe isidumbu sowesifazane sinamanxeba okudutshulwa emzini ongahlali muntu esilungwini eDunkeld, eGoli.

Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa okwamanje.

URussel Meiring okhulumela i-ER24 uchaze wathi: "Ngesikhathi sifika sikhonjwe emzini esifice kuwo isidumbu. Abosizo lokuqala bahlole lo wesifazane bathola ukuthi ulimale esifubeni nasentanyeni kanti futhi akatshengisanga zimpawu zokuphila.

"Ngeshwa, lo wesifazane ubeseshonile kungekho olusengenziwa ukumhlenga wahlonzwa njengoshonile endaweni yeisgameko. Iziphathimandla zendawo zizoluphenya udaba."

OLUNYE UDABA:Kutholakale isidumbu sowesifazane sesonakele eThekwini

Khonamanjalo, kutholwe isidumbu sentombazane esikhulile ngasemaphoyiseni aseLoate eduzane naseMmakaunyane eTshwane kanti sihlonzwe yilungu lomndeni.

UBusisiwe Mogwase kwabikwa ukuthi udukile ezinyangeni ezimbili ezedlule. Umama wakhe uthi wagcina ukukhuluma naye ngo-Ephreli 2017.

Isidumbu sikaMogwase satholwa sinqunu, isitho sakhe sangasese sishumpuliwe eduzane nasemathuneni aseMmakaunyane eduze naseMabopane.

Okhulumela amaphoyisa aseLoate uThembi Nowathe uthe isidumbu saphinde satholwa singenaso isibindi.

Akukaboshwa muntu kodwa amaphoyisa ayaphenya.

 - SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...