Kutholakale usana luntshingwe ngaphansi kwesihlahla eThekwini

2017-03-12 08:31

Durban – Kutholakale usana olusanda kuzalwa lulele luthule lugoqwe ngesikibha esimnyama lubekwe ngaphansi kwesihlahla kuPalmiet Road, eClare Hills, eThekwini.

Lolu sana lutholwe ngowesifazane obedlula ngendlela lusalenga inkaba, kusho umbiko.

Okhulumela abakwaNetcare911 uChris Botha uthe lolu sana lutholwe ngoMgqibelo ntambama ngabo-14:30.

UBotha uthe kudingeke ukuthi banqamule inkaba ukuze bakhulule ingane.

OLUNYE UDABA: Obebanjiswe usana ukhale wemuka nalo

Uthe akucaci okwamanje ukuthi ubani olahle lolu sana ngaphansi kwalesi sihlahla.

Isimo sempilo yalolu sana besikahle kanti kudingeke ukuba lugezwe ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela.

Uphethe ngokuthi amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...