Kutholakale usana emgqonyeni kadoti

2017-07-17 07:31

Centurion – Belusemgqonyeni lungakwazi nokuphefumula kahle usana olutholakale e-Olievenhoutbosch, eCenturion. 

Okhulumela iNetcare911 uNick Dollman uthe ngeSonto usana lomfana lutholwe emgqonyeni kadoti ngobedlula ngendlela ngabo-10:00 ngoMgqibelo.

UDollman uthe usana lomfana kungenzeka ukuba belulahlwe ngoLwesihlanu ebusuku.

Nenkaba ibingakasuki.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo solwa ngokubulala

UDollman uthe owesilisa uthathe usana waluyisa esontweni eliseduzane, nokuyilapho lumbathiswe khona ingubo, lwayiswa emaphoyiseni aseduzane.

Abosizo lokuqala babizelwe esiteshini samaphoyisa ngesikhathi kubonakala ukuthi ingane iyehluleka ukuphefumula kahle.

UDollman uthe  ingane ithole usizo lokuqala yabe isiphuthunyiswa esibhedlela.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...