Kutholakale umbungu ulahlwe emgqonyeni kadoti ePitoli

2017-09-06 13:59

EPitoli - NgoLwesithahu ekuseni abezimo eziphuthumayo babizelwe ePitoli lapho kutholakale khona umbungu.

Okhulumela abe-Hi Risk Medical uGareth Pahl uthi lo mbungu utholakale ngo-11:40 ekuseni ekhoneni likaCliff noPolaris ngasebhulohweni eliku-N1 eduze kwesikole iHoërskool Waterkloof.

Iphephandaba lomphakathi iRekord East libike ukuthi lo mbungu ubumncane kakhulu ukuthi kungabonakala ubulili bengane.

"Ilungu lomphakathi yilona elimise imoto yabezimo eziphuthumayo libona lo mbungu," kusho uPahl.

OLUNYE UDABA:Obefuna ukudla emgqomeni uthole umbungu

Uthi abezimo eziphuthumayo bawuhlolile bathola ukuthi ubusemncane kakhulu.

Lokhu kunyuse isibalo sokutholakala kwemibungu kuleli dolobha sahlala ku-10.

Lokhu kulandela ukuthi kutholakale umbungu ezinyangeni ezimbili ezedlule esichithweni kulona leli dolobha. Kuthiwa le ngane yatholakala igoqwe ngoplastiki ngemuva kokuthi ibonwe abantu ababesebenza kuleya ndawo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...