Kutholakale namakhondomu lapho kudlwengulelwe khona imbuzi

2017-09-06 13:59

Bulawayo - Esigamekweni esishaqisayo esishiye abantu baseMavhunga eMashonaland Central, eZimbabwe bebambe ongezansi, abesilisa ababili kusolwa ukuthi badlwengule imbuzi yaze yafa ngoLwesine olwedlule.

Umnikazi wembuzi kubikwa ukuthi wesabisa ngokusebenzisa umuthi ukujezisa abasolwa, bese kwenzeka ubulungiswa.

Engxoxweni iBulawayo24.com ebenayo nomholi womphakathi uGeorge Mavhunga, 55, usiqinisekisile lesi sigameko.

"Sithole umbiko oshaqisayo ngalesi sikameko ngoLwesine olwedlule, saziyela mathupha ukuyozibonale.

"Imbuzi idlwengulwe yaze wafa kusetshenziswa amakhondomu, amakhondomu atholakale enegazi.”

OLUNYE UDABA: Uqalwe ngabomu umlilo obulale 9 wezingane

UMavhunga usola ukuthi lesi sigameko senziwe ngabesilisa ababili ebebeshintshisana ngokudlwengula imbuzi.

"Lesi senzo senziwe ngabantu ababili ngoba imbuzi bekumele ikhale, okusho ukuthi omunye ubeyivale umlomo ukuze ingezwakali uma ikhala ngesikhathi omunye eyikhwela, beshintshana,” esho.

UMavhunga ubize umhlangano wesigodi kuzokhulunywa ngalolu daba, kwavunyelwana ngokuthi kusetshenziswe umuthi ukuthola abasolwa, baqondiswe.

"Umnikazi wembuzi uthathe amakhondomu ukuze ezowasebenza.”

Kuthiwa umbuzi kungenzeka ukuba ibulawe ukuvalwa umlomo ngesikhathi idlwengulwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...