Kutholakale izingane ezintathu zishe zangqongqa

2018-01-03 09:30

Johannesburg - Amaphoyisa asevule idokodo ngemuva kokutholakala kwezidumbu zezingane ezintathu zishe zangqongqa emotweni ebishile eBosplaas West, ngaphandle kwakaTemba, eHammanskraal.

Uyise wezingane oneminyaka engu-40 ubudala utholakale elenga emzini wakhe oseMathibestad ngemuva kokuthungathwa amaphoyisa, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Kay Makhubela.

''Umama wezingane ubike ukuthi zithunjiwe ebusuku mhlaka 31 Disemba. Waphinde wathi izingane zathathwa yisoka lakhe engekho yena, laphinde lamtshela ukuthi lizozibulala.

“Isoka elineminyaka engu-40 ubudala litholakale lilenga endlini yomxhaso kahulumni eMathibestad,'' kusho uMakhubela.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela usizo ngengane edukile

Izingane zibonwe ngobezidlulela ngendlela, oqale wabona imoto eshile ehlathini, nokuthe uma eyobheka wabona izidumbu wabe esebikela amaphoyisa ngezithuba zabo-14:00 ngoLwesibili.

Abafana ababili, oneminyaka emine nomunye oneminyaka enggu-12 ubudala, bekuyizingane zowesilisa ‘ozibulele’ kanye nentombi yakhe eneminyaka engu-30 ubudala.

Isisilu sesithathu, umfana oneminyaka emithathu ubudala, bekuyisihlobo sowesifazane.

Amaphoyisa ayaphenya.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...