Kutholakale izingane ezintathu zigwiliziswe emanzini abilayo

2015-12-11 12:29

Johannesburg – Izingane ezimbili zamantombazane esezikhulile kanye nomfana onezinyanga eziyisikhombisa ezelwe batholakale begwilizile kubhavu wokugeza eKatlehong, kusho abeKurhuleni Disaster and Emergency Management Services (DEMS).

NgoLwesithathu abosizo lokuqala babizelwe endaweni yesigameko esigcemeni sakwaKhumalo.

Kuthiwa lezi zingane zamantombazane zihlaselwe abalisa ababili.

Abahlaseli kukholakala ukuthi bashaye la mantombazane base eyabagwilizisa nengane emanzini abilayo agcwele ubhavu, kusho i-DEMS.

Omakhelwane bathi bezwe lezi zingane zikhihla esikaNandi, base bebamba abasolwa babatitinya ngenduku kwaze kwafika amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kugwilize kwashona umfana, 8, emfuleni

“Abasolwa babe sebethola ukwelashwa endaweni yesigameko base bephuthunyiswa esibhedlela,” kusho umbiko.

Kube sekuqubuka udlame endaweni yesigameko njengoba izakhamuzi ebeziwotha ubomkvu zibafuna la abasolwa.

“Ngenhlanhla i-ambulensi ikwazile ukuphuma ngesamagundane. Kumanje abasolwa bangaphansi kweso elibukhali lamaphoyisa esibhedlela.”

Kulindeleke ukuba bavele enkantolo kungekudala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...