Kutholakale izidumbu zamantombazane zinamanxeba okugwazwa

2017-09-11 07:07

Johannesburg - Amaphoyisa aseFree State ngeSonto abepheka ngemibuzo abantu abambalwa ngemuva kokutholakala kwezidumbu ezimbili zamantombazane zinamanxeba okugwazwa eBotshabelo ngempelasonto.

Amantombazane, ena-16 nenye ena-18 ubudala, abesemlindelweni wesihlobo ngoLwesihlanu ebusuku, kusho uColonel Thandi Mbambo.

Agcine ukubonakala phakathi kwamabili, ngesikhathi eyothenga ugwayi ethaveni esendaweni.

Izidumbu zawo zitholwe ngabantu ebebelibangise emsebenzini ngeSonto ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kushone abayisikhombisa ezingozini ezahlukene

Izidumbu zawo amantombazane bezingagqokile ngezansi, futhi bezisondelene kantio bezilahlwe esigangeni.

Indlela ebezidindilize ngayo izidumbu kungenzeka ukuba badlwenguliwe ngaphambi kokubulawa, kusho uMbambo.

Amantombazane kuthiwa amagama awo ngoThato Salemane noTumisang Lengau.

Kucelwa noma ngabe ngubani oneminininmgwane ukuba axhumane noDetective Constable Buza Monyaki ku-078 265 0205 noma afonele iCrime Stop ku-08600 10111.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...