Kutholakale izidumbu zabantu abathathu abashiswe

2017-09-13 18:00

Cape Town – Kutholakale izidumbu zabantu besilisa abathathu, okukholakala ukuthi bashisiwe, ePhilippi East, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesithathu.

UCaptain FC van Wyk uthe okwamanje akucaci kahle ukuthi yini eholele ekufeni kwabesilisa, abaneminyaka ephakathu kuka-20 no-30 ubudala,

Isigameko senzeke emijondolo yaseMarikana ngoLwesibili ebusuku.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa isikhulu senyunyana emayini

Uyedwa kuphela kulaba besilisa abashonile owaziwayo ngokubonwa ngamalungu omphakathi.

Ezinye izidumbu ezimbili namanje bezingakahlonzwa. Amaphoyisa aseqalise uphenyo ngokubulawa kwalaba abathathu.

UVan Wyk uthe okwamanje amaphoyisa abengakabophi muntu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...