Kutholakale izidumbu ezintathu ezishile ehlathini ePort Elizabeth

2018-04-25 19:20

Cape Town - Amaphoyisa asePort Elizabeth aqalise uphenyo ngemuva kokutholakala kwezidumbu ezintathu ezitholwe emahlathini eWells Estate.

Abantu ababili, oneminyaka engu-24 noneminyaka engu-26 ubudala, baphuthunyiswe esibhedlela benamanxeba amabi okusha.

OLUNYE UDABA:Iqulu labantu lishaye labulala owesilisa ogwaze i-ex yakhe eKZN

Imbangela yokushona nokulimala kwala bantu ayikaziwa kodwa kusolwa ukuthi bahlaselwe yiqulu labantu.

Amaphoyisa aphenya amacala okubulala nawokuzama ukubulala.

Owamaphoyisa uMcedi Mbobo uthe: "Ilungu lomphakathi lishayele amaphoyisa ucingo likhala ngequlu labantu elihlasela abanye, kodwa kuthe uma amaphoyisa esefika endaweni yesigameko athola izidumbu zezisulu."

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...