Kutholakale izidumbu emotweni ebiseceleni komgwaqo

2017-10-08 10:04

Johannesburg - Abosizo lokuqala bashaqekile bethola abesilisa ababili bebulewe emotweni ebimile eHeidelberg ngoMgqibelo ekuseni.

Abesilisa, abatholakale emotweni ebiseceleni komgwaqo eRooikraal‚ bebenamanxeba okudutshulwa futhi bese beshonile ngesikhathi kufika abosizo lokuqala.

Abosizo lokuqala be-Emer-G-Med ebebesendaweni yesigameko kanti bathe kunezimpawu ezincane ezikhombayo ukuthi kwenzakaleni ngaphambi kokuba babulawe.

OLUNYE UDABA: Iqulu labantu libulale indoda ebulale enye ngesihluku

Owabosizo lokuqala uthe: “Abekho abazibonele; imoto selokhu ime laphaya kusukela izolo ngabo-18:00 – ibimile ubusuku bonke. Yilokho kuphela esikwaziyo.

“Babulawe ngesibhamu ngemva kokudutshulwa ngemuva,” esho.

Uthe ngeke baqagule ukuthi kubeyini imbangela yokubulawa kwabo, ngoba abanayo imininingwane eyanele.

Uphenyo luyaqhubeka.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-32 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...