Kutholakale iwunga kwesokubulawa kwabantu e-KZN

2017-01-21 15:29

Durban – Amaphoyiska aKwaZulu-Natal athi kubulawe abantu abayisithupha abadutshulwe oshayasibhamu abahlanu emzini oseGeorgedale, eHammersdale, ngoMgqibelo.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngabo-21:00, kusho uColonel Thembeka Mbhele, kubika i-ANA.

“Kuthiwa oshayasibhamu bangqongqoze emnyango bacela uSiyanda,” esho.

Kuthe abangaphakathi bangavula umnyango, baqala bavulela ngenhlamvu beguduza ngaphakathi kule ndlu bedubula wonke umuntu abahlangana naye.

OLUNYE UDABA: Kubulawe isigebengu ebesiyiqhawe kwabanye

Kulesi sigameko kubulawe abesilisa abane nabesifazane ababili, kwathi omunye oyedwa walimala kanzima.

Abashonile baphakathi kweminyaka engu-20 no-37 ubudala.

Imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa kepha kutholakale isidakamizwa iwunga kulo muzi obuhlaselwa.

Eminye imibiko ithi kusolakala ukuthi laba ababulelwe bebedayisa lesi sidakamizwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 5-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...