Kutholakale isidumbu sowesimame emseleni oseMakhonyeni

2017-07-10 16:00

eJozini - Usabambe ongezansi umphakathi waseMakhonyeni eJozini ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesimame ongaziwa.

Lesi sidumbu sowesimame obukeka eseminyakeni ebalelwa ko-20 ubudala sitholakale ngasemseleni wamanzi ngoLwesine.

Lesi sidumbu sitholwe ngamalungu omphakathi kanti besilimele kakhulu futhi kakwaziwa ukuthi silahlwe nini kule ndawo nokuthi ngubani osilahle lapha.

Ngokusho kwamalungu omphakathi, kakukona okokuqala kutholaka isidumbu sowesimame kule ndawo.

OLUNYE UDABA:Isidumbu sendoda ebidukile sitholakale esiswini senhlwathi

Ngenyanga edlule kwatholakala isidumbu sowesifazane okuvele ukuthi unqume ukuziphosa kulo msele ngemuva kukuba nengxabano nesoka lakhe.

UJabulani Gumede oyilungu lomphakathi utshele abephephandaba iLANGA ukuthi bashaqekile ngokuzwa ngalesi sigameko.

"Kasazi ukuthi ubuyaphi lo sathane wokubulawa kwabantu ngesihluku. Okushiya imibuzo eminingi wukuthi siphoswe nini lesi sidumbu kulo msele," kushi uGumede.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...