Kutholakale isidumbu sowesimame emfuleni uMkhomazi

2017-11-21 19:36

eMkhomazi - Amalungu omphakathi abize abezimo eziphuthumayo ngemuva kokubona isidumbu sintanta emanzini ngoLwesibili ekuseni kubika iNewswatch.

Okhulumela abe-ER24 spokesperson, uRussel Meiring uthi abezimo eziphuthumayo kanye nabatshuzi baphuthume kule ndawo basikhipha lesi sidumbu.

"Isidumbu salo wesimame sitholakale endaweni engamamitha angu-250 kusukela. Abatshuzi kanye nabezimo eziphuthumayo bakhiphe lesi sidumbu bathola ukuthi lo wesimame unamanxeba amabi kakhulu," kusho yena.

Uthi ngeshwa bekungekho okungenziwa ukuhlenga impilo yakhe ngoba ubeseshonile.

OLUNYE UDABA:Kuminze umfundi kamatikuletsheni ebhukuda nabangani

Kwesinye isigameko esenzeke eThekwini, abe-KwaZulu-Natal Emergency Medical Services baphuthume olwandle iCuttings Beach eMerewent lapho kubikwe khona isigameko sokuminza kwentombazane, 8.

Okhulumela abeKZN EMS uRobert Mckenzie uthi bafike endaweni yesigameko bathola abezicishamlilo sebeyikhiphile ingane emanzini.

Imizamo yokuhlenga impilo yayo ibhuntshile ngoba ibingabonisi izimpawu zokuphila.

Izehlakalo ezenzeke kulesi sigameko bezingakacaci kahle kodwa amaphoyisa ayaphenya.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...